04 Kikuyu Road, Sunninghill, Johannesburg, 2157

NEWS ARTICLE

15 Oct 2024

Media Statement |

Media Statement: View

——————————————————-

AMALUNGA OMPHAKATHI AXWAYISWA NGABANTU ABAZENZA IZISEBENZI EZISUKA KWA-HOUSING DEVELOPMENT AGENCY

Emizameni yokulwisana nezigilamkhuba ezigebenga amalunga omphakathi ezizenza izisebenzi ze-ejensi yokuthuthukiswa kwezindlu phecelezi Housing Development Agency, le

nhlangano izokwethula uphiko lwezokuhlaliswa kwabantu, olujutshwe ukuhlonza, ukuzuza, ukulungisa nokuthuthukisa umhlaba ofanele ukuze kuthuthukiswe ukuhlaliswa kwabantu.

Izothula umkhankaso wokulwa nokukhwabanisa nenkohlakalo ozophinde uxwayise amalungu omphakathi ukuthi angabi yizisulu zale mikhonyovu engase ibe khona.

I-HDA kanye nazo zonke izisebenzi zalenhlangano ziyaziqhelelanisa nabenzi bobubi kanye nabenza lomsebenzi ononya. Le ejensi izokwethula umkhankaso onezinhlaka eziningi

okuhloswe ngawo ukuxwayisa nokufundisa abantu baseNingizimu Afrika ngalesi senzo esingekho emthethweni okuhloswe ukugebenga amalunga omphakathi kusetshenziswa

igama lenhlangano.

Lo mkhankaso wokulwa nokukhwabanisa nenkohlakalo, ngaphansi kwesiqubulo ethi: “The HDA, Building Trust, prevention Fraud, corruption and Exploitation”, uzoqwashisa amalungu omphakathi ngezindlela ezahlukene ezisetshenziswa yilamaqola, okuhlanganisa nokusetshenziswa komgunyathi amakhasi ezinkundla zokuxhumana zalenhlangano, belutha abantu abangalindele ukuthi bakhokhele izinsiza ezihlinzekwa yi-HDA mahhala.

Lamaqola asebenzisa amakhasi ezinkundla zokuxhumana mbumbulu azenza abameleli be-HDA futhi bafafaze imininingwane engamanga mayelana nokwabiwa kwezindlu ezixhaswe

uhulumeni, nokudayiswa kwezindlu kanye nomhlaba, ngaleyo ndlela kugetshengwa abantu abangazi lutho. Leliqeqeba lamaqola athi ahlinzeka umphakathi ngosizo lokufaka izicelo

zokuthola izindlu zomxhaso kahulumeni.

Isikhulu esiphezulu kulenhlangano, uMnu Bheki Khenisa, uthi asikho isisebenzi se ejensi yabo esizokunikeza noma sidayise indlu ukuze sithole imali. “Uma kutholakala ukugwazelwa, noma yisiphi isisebenzi esithintekayo noma abantu abathintekayo kufanele babikwe eziphathimandleni ezifanele. Inkohlakalo ayinandawo kwa-HDA. Sizibophezele ekwakheni ithemba nabathintekayo bethu kanye nokuqinisekisa ukuthi ukusebenza kwethu kubonisa izinga eliphezulu lobuqotho. “ Le nhlangano ithanda ukukhumbuza amalungu omphakathi ukuthi izicelo zezindlu zomxhaso zikahulumeni bakwazi ukuzifaka kuphela emnyangweni weSifundazwe wezokuHlaliswa kwaBantu nakoMasipala. Ayikho inhlangano ezimele noma umuntu ogunyazwe ukusingatha lokhu egameni le-HDA. Ngakho-ke, ngalo mkhankaso, le nhlangano izokwenza konke okusemandleni ukuqwashisa imiphakathi isebenzisa abezindaba kanye nezinye izinkundla ukuxwayisa imiphakathi ngale misebenzi engekho emthethweni. Lolu daba selubikiwe nasezikhungweni zomthetho.

Izakhamizi ukuze zikwazi ukubhalisela izindlu zikahulumeni, kufanele kube umuntu oqalayo ukuba nomuzi, phakathi kokunye, ukuthi umuntu kufanele abe yisakhamuzi saseNingizimu Afrika futhi ahole iholo lomndeni elihlangene elingaphansi kuka-R3501.00 ngenyanga. Amalungu omphakathi ayakhuthazwa ukuthi ngaso sonke isikhathi aqinisekise amakhasi

ezokuxhumana asolisayo namahhovisi afanele.

Amalungu omphakathi angathanda ukubika ngokukhwabanisa/imikhonyovu, angathumele I-

imeyili ku-hda@whistleblowing.co.za noma ushayele ku-0800 111 409 noma u-WHATSAPP

CHATBOT & CALL - 031 308 4664 noma i-SMS: 33490.

Ukwengeza, ungabika izenzo zenkohlakalo nokukhwabanisa kulezi zikhungo ezilandelayo:

I-DHS Special Investigations Directorate: 012 421 1535/1641

I-DHS Call Centre: 0800 146 873

Ombudsman wezokuHlaliswa kwaBantu: 0800 146 873

Inombolo Kazwelonke Yokulwa Nenkohlakalo: 0800 701 701

UMvikeli Womphakathi waseNingizimu Afrika: 0800 11 20 40

Inombolo Kamongameli: 17737

AMA-HAWKS: 012 846 4590

Noma iSiteshi Samaphoyisa SaseNingizimu Afrika esiseduze

Mayelana ne-HDA.

I-Ejensi Yokuthuthukiswa Kwezindlu (i-HDA) iyisikhungo sikazwelonke sokuthuthukiswa komkhakha kahulumeni phakathi kokunye esinegunya lokuhlonza, ukuthola, ukulungiselela

kanye nokuthuthukisa umhlaba ofanelekile wokuhlaliswa kwabantu. Le nhlangano iphinde yenze uhlelo lokuphathwa kwamaphrojekthi okuthuthukiswa kwezindlu nokuhlaliswa

kwabantu. I-HDA yenza imisebenzi yayo ngokubambisana nezinye izinhlaka okuhlanganisa uhulumeni kazwelonke, wesifundazwe nowasekhaya nomasipala, kanye nemiphakathi,

abathuthukisi kanye nabaxhasa bezimali. Isungulwe ngo-2009, i-Ejensi yasungulwa ngoMthetho Wephalamende ngonyaka ka-2008 futhi inesibopho neBhodi layo

kuNgqongqoshe Wezokuhlaliswa Kwabantu.

Lesitatimende sikhishwe ngu:

UMnyango Wezokuxhumana Wophiko Lokuthuthukiswa Kwezindlu

Ngemibuzo nabezindaba, sicela uthinte: Mnuz Katlego Moselakgomo, 011 544 1000/ 082 262 9048 noma Communication@thehda.co.za